UNGIZWE MCHUNU UPHIKA UKUTHI ABOKUFIKA BABANDAKANYEKA EKUSHISWENI KOMUZI WAKHE


Isishoshovu esilwela ukuthi abokufika abangekho emthethweni baphume eNingizimu Afrika, Ngizwe Mchunu, siphike izinsolo zokuthi abokufika yibona abathinteka ekushisweni komuzi wakhe oseMadundube eMbumbulu ngeSonto ntambama.

UMchunu uphinde wakuphika ukuthi nguyena qobo oshise umuzi wakhe, ethi ngokwesintu umlilo uwulaka futhi ubengeke awenze lowo mkhuba emzini wakubo. Uthe izinsolo zokuthi uzishisele yena umuzi ukuze athole uzwelo noma uxhaso azinasisekelo.

Umuzi kaNgizwe Mchunu oshiswe ngabantu abangaziwa ngempelasonto

Uveze ukuthi kusukela ngo-2021, ngesikhathi eboshelwa amacala ahlobene nokugqugquzela udlame ngesikhathi semibhikisho eyalandela ukuboshwa kukaJacob Zuma, impilo yakhe yashintsha kakhulu futhi usephila ngokuxwaya njalo.

Nakuba uzakwabo abantu abaningi besole abantu abavikela abokufika ngokuthi bangase babe semuva kwalesi sigameko, uMchunu uthi yena akakazi ukuthi ubani obandakanyekile njengoba amaphoyisa esaqhubeka nophenyo.

UMchunu usengomunye wabaholi bemikhankaso ebizwa nge “March and March” efuna ukuthi abokufika abangekho emthethweni baphume eNingizimu Afrika ngaphambi komhla ka-30 Juni 2026.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved