NDUNANKULU WAKWAZULU-NATAL USHAYELE IHLOMBE IDURBAN CITY NGOKUQOPHA UMLANDO NGE-NEDBANK CUP


UNdunankulu waKwaZulu-Natal Thami Ntuli kanye noNgqongqoshe Wezemidlalo, Amasiko nezobuCiko Mntomuhle Khawula bahalalisele iqembu le-Durban City FC emcimbini obubanjelwe eThekwini kulandela ukunqoba kwalo indebe ye-Nedbank Cup.

IDurban City FC ibe yiqembu lokuqala KwaZulu-Natal ukunqoba le ndebe kusukela yasungulwa eminyakeni engu-17 eyedlule. Iqembu lishaye TS Galaxy ngo 2-1 emdlalweni wamanqamu.

USihlalo weqembu Farook Kadodia uthe ujabule kakhulu ngokuthi iqembu ligcine liyinqobile indebe enkulu kangaka, wathi lokhu kuwudumo kubantu bonke baKwaZulu-Natal.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal ebongela iqembu leDurban City ngokuba ngoMpetha beNedbnk Cup

UNtuli noKhawula bathe lokhu kunqoba akugcini ngokukhombisa ibhola elisezingeni kodwa iphinde ilethe injabulo nesithunzi esifundazweni sonke. Iqembu liphinde lazuza umklomelo wemali engu-R7 million futhi selizomela izwe emqhudelwaneni we-CAF Confederation Cup.

Umqeqeshi wesikhashana Pitso Dladla uthe udumo kufanele luye kubadlali abasebenze kanzima kusukela ekuqaleni komqhudelwano kuze kube sekupheleni


Uthukela Times All Rights Reserved