UVUKE UMBHEJAZANE WAVALA IZIPHAZA EZISOLWA NGOKUTHENGISELA IZINGANE IZIDAKAMIZWA UMPHAKATHI WASEMOOI RIVER


Kube nokungezwani eMooi River ngoMgqibelo ngesikhathi izakhamizi zithatha umthetho ngezandla zazo zavala ama-tuckshop okusolwa ukuthi adayisa izidakamizwa ezindaweni zasePhumlasi naseBruntville.

Lokhu kulandela ukuboshwa kowesifazane waseLesotho oneminyaka engu-48, uMampokase Elizabeth Kao, ovele eNkantolo yaseMooi River ngesonto eledlule ebhekene namacala okubnjwa nensangu nokwehluleka ukuveza amaphepha asemthethweni okuhlala eNingizimu Afrika.

Okhulumela amaphoyisa esifunda saseuMgungundlovu, uSergeant Sifiso Gwala, uthe ukuboshwa kwenziwe ngamaphoyisa e-Public Order Policing ngemva kokuthola umbiko wokuthi kukhona owesifazane othengisela izingane izinto okusolwa ukuthi zixutshwe nezidakamizwa.

Ukuboshwa kwakhe kudale ulaka emphakathini, njengoba izakhamizi zithi ukuphepha kwezingane zabo sekubekwe engcupheni enkulu.

Ilunga lomphakathi, Xolani Duma, lithe abantu sebekhathazekile ngokwanda kwezidakamizwa ezaziwa ngokuthi i“zaine” emphakathini.

Uthe umphakathi unqume ukuvala izitolo ezimbili ebezisolwa ngokudayisela izingane izidakamizwa, wathi sekuyisikhathi sokuthi umphakathi uvikele ikusasa lezingane zawo.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved