Iqembu le-Inkatha Freedom Party (IFP) limise ngokushesha uSihlalo we-IFP Youth Brigade KwaZulu-Natal, Mncedisi Maphisa, kanye noLindi Ndlovu, kulandela udaba lwengxoxo eqoshiwe esabalale ezinkundleni.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi iNEC yeqembu ibambe umhlangano okhethekile ngoLwesibili ukuze ibheke le ndaba. UMkhulumeli we-IFP, Mkhuleko Hlengwa, uthe uMaphisa uqinisekisile ngokubhala ukuthi izwi eliku-audio elisabalale ngelakhe, okwenze iNEC yanquma ukummisa.
Ngokwesitatimende, uMaphisa ususwe kuzo zonke izikhundla nemisebenzi yeqembu, okubalwa ukuba nguSihlalo we-IFPYB eKZN kanye nelungu loMkhandlu Kazwelonke, kuze kuqedwe inqubo yezijeziso.
UNdlovu naye umisiwe ngokuphelele emisebenzini yeqembu ngesikhathi kusaqhubeka uphenyo.
I-NEC ithe izoqhubeka nophenyo bese iletha umbiko ogcwele kuMkhandlu Kazwelonke. Iqembu liphinde laxwayisa amalungu alo ukuthi agweme ukuziphatha okungaholela ekuhlukaneni noma ekulimazeni isithunzi seqembu.

