UNGQONGQOSHE WEZOMNOTHO UVELE I- ONE STOP SHOP ENTSHA E DUNDEE


uNgqongqoshe wezokuthutha kwaZulu-Natal uMfundisi Musa Zondi uvule ngokusemthethweni ama hhovisi i-one stop shop ezosiza abafuna ukuvula amabhizinisi eDundee.

Le one stop shop yophiko loMzinyathi Development Agency iqoqela eduze zonke izinhlaka ezidingekayo ukuze umuntu aqale noma avule ibhizinisi.

Lezi nhlaka kubalwa i-CIPC , Sars , Labour, KZN growth fund, lthala ukukha nje phezulu.

Lolu phiko luvulwe ngokusemthethweni uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa komnotho , ezokuvakasha uMhlonishwa u mfu. Musa Zondi.

Umhlonishwa u Nondaba uthi ukusondela kwalezi zinsiza kubantu kuzobasiza nangokubongela imali njengoba bekudingeka begibele beyofuna lolu sizo koNewcastle naseMgungundlovu.

” Uma befika kulezi zindawo betshelwa ukuthi amaphepha ayashoda bekuba umqansa ukuphinde babuyele khona ngenxa yobude bendlela.

Manje njengoba usizo seluqoqelwe ndawonye sekuzoba lula ukuthi abantu babe namabhizinisi asemthethweni okwenza kube lula ukuthi bathole noxhaso uma amabhizinisi ebhaliswe ngendlela efanele,” kusho uNgqongqoshe Nondaba.

Kanti Meya woMzinyathi uNksz Thembisile Mchunu unxenxe osomabhizinisi ukuba bayisebenzise le One stop shop ngoba ivulelwe bona.

“Lolu hlaka kaluzogcina ngokukusiza uvule ibhizinisi kodwa luzophinde lulekelele osomabhizinisi nangoqeqesho ukuze amabhizinisi abo kube ngaphumelelayo,” kubeka uMeya Macingwane. Amahhovisi e-One Stop shop angemuva kwebhange lakwa-Absa eDundee.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved