IZOHLONISHWA NGEDILI LOMCULO KAMASKANDI INGULUBE ENCANE


Kuzosetshenziswa umculo wesintu nomaskandi ukukhumbula nokuhlonipha ongasekho, uWelcome Bhodloza Nzimande, owaziwa nangokuthi uNgulube Encane, ngenxa yegalelo lakhe elikhulu emculweni nasemsakazweni.

Lokhu kumenyezelwe esithangamini sabezindaba e-Octavia Hotel, eNanda, esihlelwe yi-Phuzekhemisi Foundation kanye nenhlangano Icikolethu, abangabahleli bomcimbi ozobizwa ngeBhodloza Nzimande Maskandi Festival.

Omunye wabahleli, Stanley Cele, uthe sekunesikhathi ezizwa kudingeka kube khona okwenziwayo ukuhlonipha uBhodloza, ngenxa yomsebenzi omkhulu awenza emculweni wesintu nasemkhakheni wezobuciko. Uthe lo mcimbi uzobanjwa ngoSepthemba, ngenyanga yamagugu, ngenhloso yokuhambisana nokugqugquzela amasiko nobuciko.

Ingwazi kamaskandi, Phuzekhemisi Mnyandu, ithe ibona kubalulekile ukweseka lo mbono, igcizelela ukuthi uBhodloza wadlala indima enkulu ekukhuliseni nasekusekeleni abaculi, ikakhulukazi abakumaskandi.

Umkakhe, Zandile Nzimande, uthe uyaweseka kakhulu lo mcimbi, wathi kudala kudingeka kube khona into efana nalena yokuhlonipha umsebenzi womyeni wakhe.

UBhodloza washona mhla ziyi-15 kuMasingana 2021 eneminyaka engu-73. Waqala ukusebenza kuKhozi FM ngo-1978, wasebenza njengomsakazi iminyaka engu-19 waphinde waba ngumphathi wesiteshi iminyaka engu-13. Waziwa nangokuletha phambili umculo kamaskandi ngezinhlelo ezifana neSigiya Ngengoma.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved