AMAPHOYISA aseKZN anxusa umphakathi ukuthi uwasize uthungathe umsolwa ngokuhlaselwa kwamawele elokishini laseMpumalanga OGAMA LAKHE kunguMpiyakhe Thobani Mbatha.
Umsolwa oneminyaka engu-25 uthungathwa mayelana necala lokubulala uMnuz Mphilisi Ngubane owayengusihlalo weFredville Taxi Association.
UMbatha okuthiwa ugcwele amathafa, ufunwa futhi ngecala lokuzama ukubulala iwele likaNgubane.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uRobert Netshiunda, uthe lamawele abhudubezwa ngabantu abebehamba ngemoto ensundu behamba emgwaqeni omkhulu endaweni yakwaShezi.
“La madoda avulele ngenhlamvu ebhekise emotweni eyayihamba lamawele kwadubuleka uMphilisi owayeneminyaka engu-35 ubudala ngaleso sikhathi nowagcina ngokushona. iwele lakhe lakwazi ukuphunyuka kulesi sigameko. Kwavulwa amacala okubulala nokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa eMpumalanga, idokodo ladluliselwa uphiko olulwa nodlame lwamatekisi lwesifundazwe ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
“Uphenyo olunzulu luveze ukuthi uMbatha nguyena owenze lesi sigameko, kanti akaziwa ukuthi ukuphi okwamanje. Ungowokudabuka eGreytown kodwa kukholakala ukuthi unendawo ehlala endaweni yase-Inchanga. Incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe ikhishwe yiNkantolo yeMantshi yaseMpumalanga.”
Amaphoyisa anxusa noma ngubani ongaba nolwazi mayelana nokuthi ukuphi uMbatha ukuthi athinte umphenyi uSergeant Khuyana ku-079 490 8250/ 031 325 6393 noma iCrime Stop ku-08600 10111. Nabalunywa ngokungaziwa bangaxhumana ne-MySAPS App.