Umhloli wamalayisense oneminyaka engu-59 ubudala wasesikhungweni sokuhlolwa kwezincwadi zokushayela iTemba eHammanskraal uboshiwe ngemuva kwezinsolo zokugwazisa abaphenyi abalwa nenkohlakalo.
Lesi sikhulu siphenywa uphiko olulwa nenkohlakalo kuzwelonke iRoad Traffic Management Corporation nophiko loKlebe kulandela izinsolo zokuthi siyathinteka ezenzweni zenkohlakalo ezithinta ukukhishwa komgunyathi kwezincwadi zokushayela kulesi sikhungo.
Kusolwa ukuthi lesi sikhulu sakhipha intshontsho lika-R50 000 kubaphenyi ukuze bashaye indiva uphenyo. Kutholwe incwadi yokuboshwa, abaphenyi bahlongoza ukuthi lesi sikhulu sihlangane nabo enxanxatheleni yezitolo eseduze.
Lesi sikhulu kuthiwa siqonde kubaphenyi siphethe isikhwama esimhlophe. Kusolakala ukuthi wafaka isikhwama emotweni abebehamba ngayo abaphenyi waveza ukuthi singu-R50 000 ohlukaniswe izitaki ezimbili.
Waboshwa ngaso leso sikhathi wavalelwa esiteshini samaphoyisa eTemba. Kulindeleke ukuthi avele enkantolo ngoMsombuluko ukuze afake isicelo sebheyili.