Abahlali baseWard 20 ngaphansi kukaMasipala Alfred Duma batshelwe ngezinhlelo ze-Inkatha Freedom Party (IFP) njengoba leli qembu liqhubeka nomkhankaso wokhetho lohulumeni basekhaya.
Phakathi kwezinto ezibalulwe ohlelweni lweqembu kubalwa ukwakhiwa kwama-carport emakhaya abahlali, ukuthuthukiswa kokutholakala kwamanzi nogesi, ukulungiswa kwemigwaqo, ukuhlanzwa kwezindawo kanye nokuqoqwa kukadoti.Lolu hlelo luphinde lubandakanye ezokuphepha, ukuthuthukiswa kwezindlu, ukulungiswa kwamapayipi endle, ukwesekwa kwamabhizinisi amancane, izinhlelo zentsha, ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi kanye nokwesekwa kwezemfundo nezempilo.
Obekwe ukuba amele i-IFP kuleli Ward, uMthokozisi Sithole, uthi uma enikezwa ithuba lokusebenza kule ndawo, uzogxila ekubhekaneni nezinkinga ezikhungethe abahlali.Phakathi kwezinto azigqamisayo kukhona udaba lwama-carport, athe luyingxenye yezidingo ezibekwe phambili ohlelweni lwakhe.
Uhlelo lweqembu lubizwa nge-13-Point Plan for Ward 20.
