Iqembu i-Economic Transformation Movement (ETM) libe nomkhuleko obubhekiswe okhethweni lohulumeni basekhaya oluzayo.Lo mcimbi ububanjelwe eSteadville, e-Area J, namuhla, lapho amalungu nabalandeli baleli qembu behlangene khona ukuze bathandazele ukhetho kanye nezindaba ezithinta imiphakathi.
Phakathi kwezinto okukhulekelwe zona kubalwa udlame olubhekiswe kwabesifazane kanye nokubulawa kwamakhansela, okuyizindaba ezikhathaza imiphakathi ezindaweni ezahlukene.
Lo mkhuleko uphinde waba yithuba lokuthi amalungu eqembu ahlangane ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya, njengoba amaqembu ezepolitiki eqhubeka nemisebenzi yawo yokulungiselela ukhetho.
Umcimbi waseSteadville uhlanganise abantu abahlukene abebe yingxenye yomkhuleko, bagxila ekutheni kube nokuthula, ukuphepha kanye nokuvikelwa kwempilo yabantu ngesikhathi sokhetho nangemva kwalo.
