Umisiwe emsebenzini uthisha wesikole samabanga aphezulu eGauteng osolwa ngokuhlukumeza ngokocansi umfundi wakwa-grade 10 eSouthview High School, eLenasia, eningizimu neGoli.
Lokhu kuqinisekiswe nguNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng, uMatome Chiloane, othe umsolwa umisiwe emsebenzini ngoMsombuluko.
Ukumiswa kwalothisha kwenzeka kungakapheli ngisho isonto uMnyango uthumele izikhulu zawo esikoleni ukuthi ziyophenya ngezinsolo zokunukubeza lo thisha.
“Ngesonto eledlule [ngoLwesithathu] sithe akahambe, ubengekho izinsuku ezimbili esemsebenzini – ngoLwesine nangoLwesihlanu – ngakho namhlanje [ngoMsombuluko] uvele wanquma ukuya esikoleni. Sesinencwadi esayiniwe manje yokummisa emsebenzini.
“Angimfuni esikoleni, angibafuni abantu abanjalo abasolwa ngamacala anjalo. Kusobala ukuthi likhona izinga labantu abamsulwa kuze kutholakale ubufakazi obuhlukile kodwa izinsolo ezinjalo zibucayi, futhi ngizithatha ngamawala yingakho sithathe isinqumo sokummisa. Ngeke aphinde angene emagcekeni esikole,” kusho uChiloane etshela iSowetan.
NgoMsombuluko uSihlalo wesigungu esilawula isikole (SGB), uNkk Sebenzile Mkhonto, uthe ushaqekile ukuthi uthisha usesikoleni yize etshelwe ukuthi uMnyango “uzomkhipha esikoleni uthathe izinyathelo ezifanele”.
Ube esebikelwa ukuthi uthisha umisiwe emsebenzini. Uthe ubikelwe nokuthi bangu-10 abafundi abafake isikhalo ngothisha ngoMsombuluko.
Izinsolo zithi yena lo thisha wabhekana nezinsolo ezifanayo esikoleni esise-Orange Farm lapho ayefundisa khona ngaphambi kokujoyina iSouthview.
Umzali oyilungu le-SGB esikoleni afunda kuso uthisha, utshele iSowetan ukuthi uthisha “wakhishwa ngenkani” esikoleni ngo-2019 ngemuva kokusolwa ngokuhlukumeza ngokocansi.
“Abazali baye esikoleni babhikisha ngaphandle kwamasango befuna akhishwe. Wakhishwa ngokushesha ngemuva kwalokho, sabe sesixwayisa ngokuthi akadluliselwe kwesinye isikole,” kusho lo mlisa.