UNgqongqoshe Wezemfundo esemazingeni aphansi, uSiviwe Gwarube, uthi umkhakha wezemfundo ubhekene nenkinga enkulu yezimali.
UGwarube uthi njengoba uhulumeni ebanciphisele isabelomali izifundazwe eziyisikhombisa zizothwala kanima kuleminyaka emine ezayo.
UNgqongqoshe uveze lokhu ngesikhathi exoxisana nabezindaba eGoli mayelana nemiphumela yokuncishiswa kwesabelomali kulo mkhakha.
“Lezi zinkinga zezabelomali aziyona inkinga equbuka manje nje, kodwa yinkinga endala kuleli edalwa ukungaphathwa kahle kwezimali kuleli. Manje sesivuna esikutshalile.”
“Lezi zingcindezi zezabelomali ziholela ekunciphiseni kwenani lothisha kanye nabasebenzi basemahhovisi emnyangweni. Lokhu kwenza othisha bachithe isikhathi esiningi emsebenzini wasemahhovisi okwehlisa isikhathi sabo sokufundisa,” kusho uGwarube.
Ungqongqoshe usecele umhlangano ophuthumayo noNgqongqoshe Wezezimali ukuze kuxoxiswane ngezixazululo kulesi simo.
“Isidingo sesabelomali somkhakha wezemfundo sihlanganisa phakathi kuka-70 billion kuya ku-118 billion rand esikhathini esimaphakathi. Lokhu yilokho esibhekene nakho ngaphandle kwenqubomgomo uma siqhubeka ngaphansi kwesabelomali samanje.”